Umthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama 38 ka 1927, isigaba 11 (b): Wonke umuntu wesifazane oshade ngosiko lwesintu (ngaphandle komuntu wesifazane KwaZulu-Natal) uyohlale njalo ethathwa njengengane.
Isithunzi sowesifazane silingana nengane engenawo amalungelo omuntu omdala (ongedlule eminyakeni engu-21).
Owesifazane akanalo ilungelo lokugcina ingane ngenxa yokuthi kwasayena ugadwe ngowesilisa.
Owesifazane akakwazi ukusayina isivumelwane esisemthethweni ngaphandle kosizo lomyeni wakhe noma lukayise.
Owesifazane akakwazi ukukhomuza amalungelo kodwa uyisithombe okufanele sibe ngumenziwa walowo onelungelo.
Isimo seNdabuko siliphazamise kanjani leligunya lokugada ingane?
Ngaphansi koMthetho weNdabuko, ukugcina ingane yilungelo elichemile elinikwa indoda kanye nomndeni wayo yisimo somshado.
Lokhu kuchaza ukuthi uma indoda seyikhokhe ilobolo/bogadi ngenkosikazi , yona nomndeni bathola amalungelo agcwele obuzali ngezingane ezizalwe emshadweni.
Ukugcina izingane emshadweni kusemahlombe endoda, kuye kunina nasemndenini wayo.
Ukugcina izingane zomuntu wesifazane ongashadile kusemahlombe kamkhulu wezingane nomndeni wakhe.
Uma ishada intombazane ethole ingane ekhaya, igunya lokugcina leyo ntombazane nezingane zayo ledluliselwa endodeni elobolile kanye nomndeni omusha.
Ngakho, ukugcina ingane ngokwesiko lendabuko kushintsha izandla ngomugqa wesilisa kuphela (emshadweni) kanti izingane ziba ngezethimba lomndeni wendoda.
Ukugcina ingane kwenziwa yindoda egameni lethimba lomndeni wayo.
Umlanjwana noma ingane ezalelwe ekhaya ayaziwa eMthethweni weNdabuko ngenxa yokuthi ingane yayihlale inekhaya, ngesinye isikhathi yayihlala kubo kanina (ngaphambi komshado) noma ihlale nomndeni omusha wozalo lwalapho eshade khona unina, okuthathelwe kwesinye sezisho esithi "inkomo ithengwa nethole layo".
Kunesidingo sokucacisa uhlobo lomshado umuntu wesifazane angina kuwo.
Izingane ezizalwe ngaphakathi emshadweni: Lezi yizingane zendoda nomndeni wayo, akukhathalekile ukuthi ngubani ngempela uyise wesende.
Kulindelekile ukuba indoda kanina wezingane imukele lezo zingane njengezayo nokufeza zonke izibophezelo zobuzali nemisebenzi eqondene nazo.
Ukufa kwendoda akusho ukuphela kobudlelwane bomshado.
Izingane zomfelokazi zehlukaniswe kanjena: (i) izingane zendoda engene inkosikazi.
Ngaphansi kwesiko lokungena, umshado okhona uqhutshwa ngumfelokazi nendoda engena esikhundleni seshonile bese iqhubeka ezithendeni zayo.
Umfelokazi nezingane zakhe bagadwa yindoda engene umfelokazi. Indoda engene umfelokazi kuvame ukuba ngomunye wamalunga omndeni wendoda eshonile.
Umndeni wendoda eshonile uyazibophezela ekunakekeleni umfelokazi impilo yakhe yonke nokuzinikela ekuzaleni izingane ayozitholiswa yindoda emngenile neyabelwe yena.
Izingane ezizalwe ngumfelokazi nendoda engene umfelokazi ziyohlale zithathwa njengozalo lwendoda eshonile.
Noma emasikweni lapho indoda engene inkosikazi imisiwe, uma umfelokazi ezala izingane, akukhathalekile ukuthi ngubani ngempela umzali noma uqobo lwazo, ziyohlale zithathwe njengozalo lwendoda eyashona kanye namalunga omndeni wakhe.
Ngemuva kwesehlukaniso, izingane zivame ukushiywa nomndeni wendoda.
Imithetho eminingi yendabuko ayivumeli owesifazane aphinde ashade ngesikhathi esaphila ngaphansi komndeni wendoda yakhe. Kufanele aphindele emndenini wakubo uma efuna ukuphinde ashade.
Uma eshada kabusha, ingane ezalwa ngowesifazane ohlukanisile eyizala endodeni yesibili ithathwa njengengane yabashadile, ngakho ngeyomndeni wendoda yesibili. Indoda yomshado wesibili ingumqaphi noma umgcini walezo zingane.
Emshadweni wesibili, owesifazane ohlukanisile engamenywa yindoda yomshado wesibili ukuletha izingane zakhe emshadweni wabo. (okusho izingane azizale ngesikhathi enakekelwe nguyise ngemuva kokuphindela kubo ngemuva kwesehlukaniso), ngaphansi kwalesi simo, indoda yomshado omusha imngenisa namankonyane akhe emshadweni.
Izihlinzeko zesigaba 11 (b) zoMthetho wokuPhathwa kwaBantu abaMnyama zazimiselwe ukubusa isimo lapho owesifazane eyohlala khona eyingane kanti indoda ibe wumgadi wakhe. Umphumela walesi sigaba yilona: abantu besifazane abangashadile bathathwa njengabantu abakhulile (ngaphezu kweminyaka engu-21) kanti abesifazane abamnyama abaneminyaka engaphansi kweminyaka engu-21 nabashade ngokwesiko lesintu bathathwa njengezingane.
Owesifazane omnyama oshade ngaphansi komthetho wendabuko uncishwe amalungelo obudala ngenxa yomshado noma bengaba neminyaka enga-21, ngokulandisa koMthetho Olawula Ubudala nokuZimela.
Isimo sabo sibancisha amandla okungenela izivumelwane ezisemthethweni, uma bebodwa noma befuna ukumela izingane zabo.
Ngakho, Umthetho weNdabuko wase-Afrika uyehluleka ukunika isiqiniseko abesifazane base-Afrika isithunzi esilinganayo nokuphathwa ngendlela efanayo ngaphansi komthetho ngendlela emiswe wuMthethosisekelo wezwe.
Ngakho, lesi sigaba sikhuthaza ubandlululo oluqondiswe kwabesifazane olugxile ebulilini, ngaleyo ndlela kushayisana noMthethosisekelo.
Lesi sigaba siqinise inkambiso yokulawula enika wonke amandla abantu besilisa nokulawula izimpilo nempahla yamakhosikazi.
Umthetho wokuGcina izingane onika abazali bobabili amandla obugcina izingane.
Indoda ithathwa njengoyise wezingane futhi ayikwazi ukuziphika. Ngenxa yesimo sokukhulelwa nokuzalwa kwazo, aziqaguleki futhi azehlukaniseki kwezinye izingane ezitholwe emshadweni.
Indoda ingumgadi nomgcini wezingane, inesibophezelo sokuzemukela njengezinye izingane ezitholwe ngemuva kokuboshwa kwefindo lomshado. Lezi zingane zingamalunga omndeni wendoda. Ubaba wangempela akanazwi nalungelo kuzo.
Ngaphansi kwesigaba esifanayo, kungena nezingane ezitholwe ngemuva kokungenwa kwenkosikazi.
Ngale ndlela, umthetho wendabuko uyahambisana nesigaba 8 soMthethosisekelo futhi awubandlululi izingane ngemvelaphi nokuzalwa kwazo.
Zingezomndeni wozalo lukanina.
Uma kwenzeka eshada unina, unina kanye nendoda yakhe bayozigcina lezo zingane. Indoda ithola igunya lobuzali bezingane ezitholile ngokuhambisana nesisho esithi "inkomo ihamba nethole layo". Ngeke ube khona umehluko phakathi kwalezi zingane nezingane zomshado. Ngakho, alukho futhi ubandlululo phakathi kwezingane ngendlela engase ishayisane noMthethosisekelo.
Uma unina eshiya emndenini wendoda, uyazishiya izingane.
Uma efuna ukuphonsa inselelo ngalesi simo, yena nomgadi wakhe kwakufanele bathathele indoda izinyathelo zokuthi indoda ayikulungele futhi ingumuntu ongafanele ukuhlala nezingane. Lokhu kuchaza ukuthi ngaso sonke isikhathi kunenkomba ekhetha indoda nomndeni wayo njengabantu okufanele bagade izingane. Banikwe igunya elingagudluki lokugcina izingane.
Ezinye iziwombe lapho izingane zingashiywa khona ekulondweni ngonina yilapho zisancela (ibele). Lesi yisibonelo esisodwa lapho izidingo zengane zihamba phambili ngaphambi kwegunya elingagudluki lokuba ubaba agcine izingane.
Ngakho, izinkantolo zendabuko zinike ubaba wengane ilungelo lemvelo ekugcineni izingane ngemuva kokwehlukanisa futhi kungaba semandleni anoma ngubani ophikisana nalokhu ukuveza ukufakazi bokuthi isinqumo sokunika ubaba izingane ngeke sifeza kangcono izidingo zezingane. (isibopho sokuveza ubufakazi).
Izingane ezincane ezincelayo zinganikwa onina, kuye ngokuthi uma sezikhulile zibuyiselwe koyise. Izingane ngokwazo azinalo ilungelo lokuzikhethela umzali ezifisa ukuhlala naye.
Nokho, ezinye iziwombe zibhekile ukuthi umzali ngamunye unamandla futhi ufanele kangakanani ukunakekela nokubhekela izidingo zengane.
Inkambiso yokukhetha ngobulili isahamba phambili ekubhekeleni izidingo zezingane.
Akukho ukuphatha ngendlela efanayo amathimba ngesikhathi sokwehlukanisa.
Izingane ziyathuliswa ngamalungelo azo kanti kuthathwa izinqumo eziphoqelela lokho okucatshangwa ukuthi kuyofeza kangcono izidingo zazo.
Ngakho, umthetho wendabuko unayo imihlinzeko ethile ehambisanayo noMthethosisekelo kanye noMthetho Omukela Imishado yeNdabuko. Nokho eminye yemihlinzeko iyaphambana nokuhlinzekwa wuMthethosisekelo, ngakho ukungqubuzana kusekhona. Lemihlinzeko yiyona okufanele iphonselwe inselelo ngesinyathelo sezinkantolo. Isizathu esinqala ngesokuthi isigaba 11 (b) sesicinyiwe, ngakho noma yiluphi uhlobo lokungalingani ngesikhundla phakathi kwabesilisa nesifazane akukwazi ukuqhubeka ngenxa yokuthi asikho isisekelo.
